BangamaHebheru yini na? Nami nginguye. Bangaba-Israyeli na? Nami nginguye. Bangabolibo luka-Abhrahama na? Nami ngiyilo. Bayizikhonzi zikaKhristu na? Ngikhulumisa okohlanya, ngokuba mina ngiyisikhonzi ukwedlula bona. Ngasebenza ngokuzikhandla okukhulu kunabo, ngaboshwa izikhawu eziningi kunabo, ngashaywa kaningi impela, ngaba phakathi kokufa kaningi. KubaJuda, ngabhaxatshulwa imivimbo engama-40, amahlandla ayisihlanu, kusala kuphela owodwa ema-40. Ngashaywa ngezinduku izikhathi ezintathu, ngakhandwa kanye ngamatshe, izikhathi ezintathu ngalinyalelwa ngumkhumbi, ngaba semanzini olwandle ubusuku bunye nemini. Ngangisendleleni njalo, ngisengozini emifuleni, kubaphangi, kubantu bakithi, kwabezizwe, ngisengozini emzini, ngisengosini ehlane, olwandle, ngisengozini nakubazalwane bamanga. Ngokusebenza nangokukhandleka, ngiqwashile kaningi ebusuku, ngokulamba, ngokoma, ngokuzila ukudla izikhathi eziningi, ngokuququdwa ngamakhaza, nangokuhamba ze. Ngaphandle kwalokhu, ngihlale ngiphansi kokucindezelwa imihla yonke ngenxa yokukhathazeka kwami ngamabandla wonke. Ngubani obuthakathaka, nami ngingabi buthakathaka na? Ngubani okhubekiswayo, ngingamzweli ubuhlungu na?
Uma kufanele ngizincome, ngiyakuzincoma ngobuthakathaka bami. UNkulunkulu uYise weNkosi uJesu, obongekayo phakade naphakade, uyazi ukuthi angiqambi manga ngalokho. NgiseDamaseku induna yenkosi u-Aretha yawuqapha umuzi wabaseDamaseku ukuze ingibambe; ngehliswa ngefasitela ogangeni ngifakwe esilulwini, ngaphunyuka kanjalo ezandleni zayo.