2 kwabaseKorinte 11:2-4

2 kwabaseKorinte 11:2-4 CZB24

Ngokuba ngiyanishisekela ngesikhwele sikaNkulunkulu, ngokuba nganandisela endodeni eyodwa, ukuze nginethule kuKristu niyintombi emhlophe. Kodwa ngiyesaba ukuthi njengalokho inyoka yamkhohlisa u-Eva ngobuqili bayo, kanjalo izingqondo zenu zonakaliswe, zisuke ebuqothweni obukuKristu. Ngokuba uma ozayo eshumayela omunye uJesu esingamshumayelanga, noma namukela omunye umoya eningawemukeliyo, noma elinye ivangeli enangalemukelanga, ningambekezelela kahle.