2 KwabaseKhorinte 11:2-4

2 KwabaseKhorinte 11:2-4 ZUL20

Ngokuba nginomona ngani, umona kaNkulunkulu, lokhu nganendisela endodeni eyodwa ukuze nginiyise kuKhristu niyintombi emsulwa. Kepha nginovalo ukuthi njengalokho inyoka yamkhohlisa u-Eva ngobuqili bayo, kanjalo izingqondo zenu mhlawumbe zedukiswe, ziyeke ubuqotho nobumhlophe kuKhristu. Uma kufika umuntu eshumayela omunye uJesu esingakaze sinishumayeze Yena, noma namukela omunye umoya eningawemukeliswanga, noma elinye ivangeli elehlukile eningalemukeliswanga, niyashesha ukukubekezelela lokho.