2 kwabaseKorinte 11:12-15

2 kwabaseKorinte 11:12-15 CZB24

Kodwa engikwenzayo, lokho ngizakwenza, ukuze ngiqume ithuba kwabafuna ithuba; ukuze kulokho abaziqhayisa ngakho, baficwe benjengathi. Ngokuba abanjalo bangabaphostoli bamanga, izisebenzi ezikhohlisayo, beziguqula abaphostoli bakaKristu. Kepha akumangalisi; ngoba uSathane uqobo uziguqula ingilosi yokukhanya. Ngakho-ke akuyinto enkulu uma nezikhonzi zakhe ziziguqula izikhonzi zokulunga; abakuphela kwabo kuyakuba njengokwemisebenzi yabo.