2 kwabaseKorinte 11:12-15
2 kwabaseKorinte 11:12-15 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kepha engikwenzayo ngizoqhubeka ngikwenze, ukuze ngibancishe ithuba labo abafuna ithuba lokuba babonakale kungathi bayalingana nathi ngalokho abazincoma ngakho. Ngokuba abanjalo bangabaphostoli bamanga, izisebenzi zenkohlakalo, eziziguqula zizenze abaphostoli bakaKhristu. Nokho akumangalisi, ngokuba noSathane waziguqula wazenza ingelosi yokukhanya. Ngakho-ke akuyona into enkulu uma nezikhonzi zakhe ziziguqula izikhonzi zokulunga, kodwa ukuphela kwazo kuyakuba njengokwemisebenzi yazo.
2 kwabaseKorinte 11:12-15 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kepha engikwenzayo ngizakukwenza futhi, ukuze ngibaphuce ithuba abafuna ithuba lokuba bafunyanwe benjengathi kulokho abazibonga ngakho. Ngokuba abanjalo bangabaphostoli bamanga, izisebenzi ezikhohlisayo, beziguqula abaphostoli bakaKristu. Akumangalisi, ngokuba uSathane uqobo uziguqula ingelosi yokukhanya. Ngakho akuyinto enkulu, uma nezikhonzi zakhe ziziguqula izikhonzi zokulunga ezikuphela kwazo kuyakuba njengokwemisebenzi yazo.
2 kwabaseKorinte 11:12-15 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kodwa engikwenzayo, lokho ngizakwenza, ukuze ngiqume ithuba kwabafuna ithuba; ukuze kulokho abaziqhayisa ngakho, baficwe benjengathi. Ngokuba abanjalo bangabaphostoli bamanga, izisebenzi ezikhohlisayo, beziguqula abaphostoli bakaKristu. Kepha akumangalisi; ngoba uSathane uqobo uziguqula ingilosi yokukhanya. Ngakho-ke akuyinto enkulu uma nezikhonzi zakhe ziziguqula izikhonzi zokulunga; abakuphela kwabo kuyakuba njengokwemisebenzi yabo.
2 kwabaseKorinte 11:12-15 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)