2 kwabaseKorinte 1:3-10

2 kwabaseKorinte 1:3-10 CZB24

Makabongwe uNkulunkulu, uYise weNkosi yethu uJesu Kristu, uYise wobubele, noNkulunkulu wenduduzo yonke; osiduduza osizini lwethu lonke, ukuze sibe lamandla okududuza labo abasosizini lonke, ngenduduzo esiduduzwa ngayo thina ngokwethu nguNkulunkulu. Ngokuba njengalokhu izinhlupheko zikaKristu zivama kithi, kanjalo nenduduzo yethu kuvama ngoKristu. Noma sihlushwa, kungenxa yenduduzo nokusindiswa kwenu okusebenza ekukhuthazeleni ezinhluphekweni zona lezi esihlupheka ngazo nathi, noma siduduzwa, kungenxa yenduduzo nokusindiswa kwenu. Nethemba lethu ngani liqinile, sazi ukuthi njengalokhu ningabahlanganyeli bezinhlupheko, kanjalo niyakuba-ngabahlanganyeli benduduzo. Ngokuba asithandi, bazalwane, ukuba ningazi ngosizi lwethu olwasehlela e-Asiya, ukuthi sasicindezelekile ngaphezu kwamandla ethu, saze salahlekelwa nayithemba lokuphila. Kepha thina ngokwethu sasinesigwebo sokufa, ukuze singazethembi thina, kodwa sethembe uNkulunkulu ovusa abafileyo; Owasikhulula ekufeni okungaka, njalo uyasikhulula