2 kwabaseKorinte 1:3-10
2 kwabaseKorinte 1:3-10 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Makabongwe uNkulunkulu noYise weNkosi yethu uJesu Kristu, uYise wobubele, uNkulunkulu wenduduzo yonke, osiduduza osizini lwethu lonke, ukuze nathi sibe namandla okududuza abasosizini, nolunjani, ngenduduzo esiduduzwa ngayo nathi nguNkulunkulu. Ngokuba njengalokho izinhlupheko zikaKristu zivamile kithi, kanjalo nokududuzeka kwethu kuvamile ngoKristu. Kepha noma sikhathazeka, kungenxa yokududuzwa nokusindiswa kwenu, noma siduduzeka, kungenxa yokududuzwa kwenu okusebenza ukukhuthazela ezinhluphekweni zona lezi esihlupheka ngazo nathi. Nethemba lethu ngani liqinile, sazi ukuthi njengalokhu ningabahlanganyeli bezinhlupheko, kanjalo ningabahlanganyeli nabenduduzo. Ngokuba asithandi, bazalwane, ukuba ningazi ngosizi lwethu olwasehlela e-Asiya ukuthi sasindwa kakhulu impela ngaphezu kwamandla ethu, saze salahlekelwa nayithemba lokuphila. Yebo, thina ngokwethu sasizizwele ukuthi sinqunyelwe ukufa, ukuze singazethembi thina, kodwa sethembe uNkulunkulu ovusa abafileyo, owasihlangulisa ekufeni okungaka noyakusihlangulisa, esethemba kuye ukuthi usayakusihlangulisa.
2 kwabaseKorinte 1:3-10 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Makabongwe uNkulunkulu, uYise weNkosi yethu uJesu Kristu, uYise wobubele, noNkulunkulu wenduduzo yonke; osiduduza osizini lwethu lonke, ukuze sibe lamandla okududuza labo abasosizini lonke, ngenduduzo esiduduzwa ngayo thina ngokwethu nguNkulunkulu. Ngokuba njengalokhu izinhlupheko zikaKristu zivama kithi, kanjalo nenduduzo yethu kuvama ngoKristu. Noma sihlushwa, kungenxa yenduduzo nokusindiswa kwenu okusebenza ekukhuthazeleni ezinhluphekweni zona lezi esihlupheka ngazo nathi, noma siduduzwa, kungenxa yenduduzo nokusindiswa kwenu. Nethemba lethu ngani liqinile, sazi ukuthi njengalokhu ningabahlanganyeli bezinhlupheko, kanjalo niyakuba-ngabahlanganyeli benduduzo. Ngokuba asithandi, bazalwane, ukuba ningazi ngosizi lwethu olwasehlela e-Asiya, ukuthi sasicindezelekile ngaphezu kwamandla ethu, saze salahlekelwa nayithemba lokuphila. Kepha thina ngokwethu sasinesigwebo sokufa, ukuze singazethembi thina, kodwa sethembe uNkulunkulu ovusa abafileyo; Owasikhulula ekufeni okungaka, njalo uyasikhulula
2 kwabaseKorinte 1:3-10 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Makabongwe uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Khristu, uYise wobubele bonke, uNkulunkulu wenduduzo yonke, osiduduzayo osizini lwethu lonke, ukuze nathi sibe namandla okududuza abasosizini, noma ngabe lunjani, ngenduduzo esiduduzwe ngayo nathi nguNkulunkulu. Njengokuba izinhlupheko zikaKhristu ziziningi kithi, kanjalo nokududuzeka kwethu kuyaphuphuma ngoKhristu. Kepha noma sikhathazwa manje, kungenxa yokududuzwa nokusindiswa kwenu; uma siduduzwa, kungenxa yokududuzwa kwenu okuveza ukubekezela ezinhluphekweni ezifanayo nalezi esihlupheka ngazo nathi. Ithemba lethu ngani liqinile, sazi ukuthi njengabahlanganyela ezinhluphekweni, kanjalo ningabahlanganyeli nasenduduzweni. Bazalwane, asithandi ukuba ningazi ngosizi lwethu olwasehlela e-Asiya, ukuthi sabhekana nobunzima obungaphezu kwamandla ethu, saze salahlekelwa nayithemba lokuphila. Thina ngokwethu sazibonela ukufa, ukuze singazethembi thina, kodwa sethembele kuNkulunkulu ovusa abafileyo. Nguye owasihlenga ekufeni okungaka, futhi oyakusiphephisa; sethembele kuye ukuthi uyakusihlenga.
2 kwabaseKorinte 1:3-10 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)