2 kwabaseKorinte 1:18-22

2 kwabaseKorinte 1:18-22 CZB24

Kodwa njengoba uNkulunkulu eqinisile, ilizwi lethu kini lalingesiye uyebo loqhabo. Ngokuba iNdodana kaNkulunkulu, uJesu Kristu, eyashunyayelwa kini yithina, mina noSilvanu noThimothewu, yayingesiye uyebo noqhabo, kodwa kuyo inguyebo. Ngokuba zonke izithembiso zikaNkulunkulu kuye zinguyebo, futhi kuyena zingu-Amen, kube inkazimulo kaNkulunkulu ngathi. Osiqinisayo kanye nani kuKristu, nosigcobileyo, nguNkulunkulu; owasibeka uphawu futhi, wasinika isibambiso sikaMoya enhliziyweni zethu.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne 2 kwabaseKorinte 1:18-22