2 kwabaseKorinte 1:18-22

2 kwabaseKorinte 1:18-22 ZUL59

Kepha njengokuba uNkulunkulu ethembekile, nezwi lethu kini alisiye uyebo kanye noqhabo. Ngokuba iNdodana kaNkulunkulu uKristu Jesu owashunyayelwa kini yithina, mina, noSilvanu, noThimothewu, wayengesiye uyebo kanye noqhabo, kepha kuyena kunguyebo. Ngokuba noma izithembiso zikaNkulunkulu ziziningi kangakanani, kuyena zinguyebo, ngakho-ke ngaye zingu-Amen futhi, kudunyiswe uNkulunkulu ngathi. Kepha osiqinisayo kanye nani kuKristu, nowasigcobayo, nguNkulunkulu, owasibeka nophawu nowasipha isibambiso esinguMoya ezinhliziyweni zethu.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne 2 kwabaseKorinte 1:18-22