2 KwabaseKhorinte 1:18-22

2 KwabaseKhorinte 1:18-22 ZUL20

Kepha njengalokhu uNkulunkulu ethembekile, izwi lethu kini alisiye uyebo noqhabo. Ngokuba iNdodana kaNkulunkulu uJesu Khristu eyashunyayelwa yithi kini: mina, noSilvanu, noThimothewu, ayisiye uyebo noqhabo, kodwa kuYena, kuhlala kunguyebo. Nakuba izithembiso zikaNkulunkulu ziziningi kakhulu, kuYena zinguyebo, ngakho-ke ngaye zingu-Amen; kudunyiswe uNkulunkulu ngathi. Kepha nguNkulunkulu osimise kanye nani kuKhristu, nowasigcobayo, nguye futhi owasibeka uphawu, nowasipha uMoya oyisibambiso ezinhliziyweni zethu.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne 2 KwabaseKhorinte 1:18-22