2 IziKronike 34:19-33

2 IziKronike 34:19-33 CZB24

Lapho inkosi isizwa amazwi omthetho, yaklebhula izingubo zayo. Inkosi yabayala oHilikiya, no-Ahikamu, indodana kaShafani, no-Abidoni, indodana kaMika, noShafani umbhali, no-Asaya inceku yenkosi, yathi: Hambani ningibuzele kuJehova, nangenxa yabaseleyo kwa-Israyeli noJuda, ngamazwi encwadi efunyenweyo; ngokuba inkulu intukuthelo kaJehova ethelulwe phezu kwethu, ngokuba obaba abaligcinanga izwi likaJehova ukuba benze njengakho konke okulotshwe kule ncwadi. UHilikiya nababemisa inkosi baya kuHulida umprofethikazi, umkaShalumi, indodana kaThikwati, indodana kaHazira, umlindi wezingubo; (manje wayehlala eJerusalema ekolishi;) bakhuluma kuye ngakho. Wathi kubo: “Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Usho kanje uJehova, uthi: “Bheka, ngiyakwehlisela okubi phezu kwale ndawo naphezu kwabakhileyo kuyo, zonke iziqalekiso ezilotshwe encwadini abayifunda phambi kwenkosi yakwaJuda. Ngokuba bangishiyile, bashunqa umusi kwabanye onkulunkulu, ukuba bangidlalise ngayo yonke imisebenzi yezandla zabo; ngalokho ulaka lwami luyakuthululwa phezu kwale ndawo, lungayikucinywa. Kepha inkosi yakwaJuda owayithuma ukuba ibuze kuJehova, usho kuyo ukuthi: ‘Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ngamazwi owazwileyo; Ngokuba inhliziyo yakho yayithambile, wazithoba phambi kukaNkulunkulu lapho wezwa amazwi akhe ngale ndawo nabakhileyo kuyo, wazithoba phambi kwami, waklebhula izingubo zakho, wakhala phambi kwami; nami nginizwile,” usho uJehova. Bheka, ngiyakukubuthela koyihlo, ubuthelwe ethuneni lakho ngokuthula, amehlo akho angaboni konke okubi engiyakukwehlisela phezu kwale ndawo naphezu kwabakhileyo kuyo. Ngakho balibuyisela ilizwi lenkosi. Inkosi yasithuma, yabiza wonke amadoda amadala akoJuda leJerusalema. Inkosi yakhuphukela endlini kaJehova kanye nawo wonke amadoda akwaJuda nabakhileyo eJerusalema nabapristi namaLevi nabantu bonke, abakhulu nabancane, yafunda ezindlebeni zabo wonke amazwi encwadi. Yesivumelwano esatholwa endlini kaJehova. Inkosi yema endaweni yayo, yenza isivumelwano phambi kukaJehova sokulandela uJehova nokugcina imiyalo yakhe nobufakazi bakhe nezimiso zakhe ngayo yonke inhliziyo yayo nangawo wonke umphefumulo wayo emazwini esivumelwano alotshwe kule ncwadi. Wabamisa lapho bonke ababekhona eJerusalema nakwaBenjamini. Futhi abakhileyo eJerusalema benza ngokuvumelana nesivumelwano sikaNkulunkulu, uNkulunkulu wawoyise. UJosiya wasusa zonke izinengiso emazweni onke angawabantwana bakwa-Israyeli, wenza ukuba bonke ababekhona kwa-Israyeli bakhonze uJehova uNkulunkulu wabo. Futhi zonke izinsuku zakhe abazange baphambuke ekulandeleni uJehova, uNkulunkulu wawoyise.