2 iziKronike 34:19-33

2 iziKronike 34:19-33 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Kwathi lapho inkosi isiwezwile amazwi omthetho, yaklebhula izingubo zayo. Inkosi yayala uHilikiya, u-Ahikamu indodana kaShafani, u-Abhidoni indodana kaMikha, uShafani umbhali, no-Asaya inceku yenkosi, yathi: “Hambani ningibuzele kuSimakade, mina nensali ka-Israyeli noJuda ngamazwi akule ncwadi efunyenweyo, ngokuba inkulu intukuthelo kaSimakade ethululelwe phezu kwethu; okhokho bethu abazange baligcine izwi likaSimakade, benza njengalokho okulotshiwe kule ncwadi.” UHilikiya nalabo ababethunywe yinkosi baya kuHulda umphrofethikazi, umkaShalumi, indodana kaThokathi kaHazira, umgcinizingubo. Wayehlala eJerusalema engxenyeni yesibili; bakhuluma naye kanjalo. Wathi kubo: “Usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli uthi: yishoni kulowo muntu onithume kimi, nithi: ‘Usho kanje uSimakade, uthi: bhekani, ngizokwehlisela okubi phezu kwale ndawo naphezu kwezakhamuzi, zonke iziqalekiso ezilotshwe encwadini efundwe phambi kwenkosi yakwaJuda, ngokuba bangihlubukile, bayoshisela abanye onkulunkulu impepho, bachukuluza ulaka lwami ngayo yonke imisebenzi yezandla zabo. Intukuthelo yami ezakuthululelwa kule ndawo ayiyukucinywa.’ “Kepha enkosini yakwaJuda enithumele ukuba nizobuza kuSimakade niyakusho kuyo kanje, nithi: ‘Usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, mayelana namazwi owezwile, ngenxa yokuba inhliziyo yakho ibe nokuzisola, wazithoba phambi kukaNkulunkulu lapho uzwa amazwi akhe ngale ndawo, nangezakhamuzi zayo, yebo, wazithoba phambi kwami, waklebhula izingubo zakho, wakhala phambi kwami, mina ngikuzwile, kusho uSimakade. Bheka, ngiyakukubuthela kokhokho bakho, uyakubuthelwa ethuneni lakho ngokuthula, amehlo akho awayukububona bonke ububi engiyakubehlisela phezu kwale ndawo naphezu kwabakhe kuyo.’ ” Baphindisela leli lizwi enkosini. Inkosi yathumela, yaqoqa wonke amalunga akwaJuda naseJerusalema. Inkosi yakhuphukela endlini kaSimakade nabo bonke abantu bakwaJuda, nezakhamuzi zaseJerusalema, abaphristi, abaLevi, nabantu bonke, abadala nabancane, wafunda belalele ngezindlebe zabo wonke amazwi encwadi yesivumelwano eyayitholakale endlini kaSimakade. Inkosi yema endaweni yayo, yenza isivumelwano phambi kukaSimakade, sokuthi izomlandela uSimakade, igcine imiyalo yakhe, ubufakazi bakhe, nezimiso zakhe ngenhliziyo yayo yonke, nangomphefumulo wayo wonke, futhi iyakuwagcina amazwi esivumelwano ayelotshwe kule ncwadi. Yenza bonke abafunyanwa eJerusalema nakwaBhenjamini ukuba bame. Izakhamuzi zaseJerusalema zenza njengokwesivumelwano sikaNkulunkulu, uNkulunkulu wokhokho babo. UJosiya wasusa zonke izinengiso ezazisemazweni wonke akwa-Israyeli, ezazingezabantu bakwa-Israyeli, wenza ukuba bonke abafunyanwa kwa-Israyeli, bamkhonze uSimakade uNkulunkulu wabo. Ngazo zonke izinsuku zakhe, abantu abachezukanga ekumlandeleni uSimakade uNkulunkulu wokhokho babo.

2 iziKronike 34:19-33 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Kwathi lapho inkosi isizwile amazwi omthetho, yaziklebhula izingubo zayo. Inkosi yayala oHilikiya, no-Ahikamu indodana kaShafani, no-Abidoni indodana kaMika, noShafani umbhali, no-Asaya inceku yenkosi, yathi: “Hambani ningibuzele kuJehova, mina nabaseleyo kwa-Israyeli nakwaJuda ngamazwi encwadi efunyenweyo, ngokuba inkulu intukuthelo kaJehova ethululelwe phezu kwethu, ngokuba obaba abaligcinanga izwi likaJehova ukwenza njengakho konke okulotshiweyo kule ncwadi.” Wayesehamba uHilikiya nabanye benkosi, baya kuHulida umprofethikazi, umkaShalumi indodana kaThokathi kaHasira, umgcinizingubo – wahlala eJerusalema enxenyeni yesibili – bakhuluma kuye ngokunjalo. Wathi kubo: “Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Tshelani umuntu onithume kimi ukuthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Bhekani, ngiyakwehlisela okubi phezu kwale ndawo naphezu kwabakhileyo kuyo, zonke iziqalekiso ezilotshiweyo encwadini abayifundileyo phambi kwenkosi yakwaJuda, ngokuba bangishiyile, bashisela abanye onkulunkulu impepho baze bangicunula ngayo yonke imisebenzi yezandla zabo; intukuthelo yami isithululelwe kule ndawo, ayiyikucinywa.’ Kepha enkosini yakwaJuda eyanithuma ukubuza kuJehova niyakusho kuyo kanje, nithi: ‘Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Maqondana namazwi owezwileyo, ngenxa yokuba inhliziyo yakho yayithambile, wazithoba phambi kukaNkulunkulu ekuzweni kwakho amazwi akhe ngale ndawo nangabakhileyo kuyo, yebo, wazithoba phambi kwami, waziklebhula izingubo zakho, wakhala phambi kwami, mina ngikuzwile, usho uJehova. Bheka, ngiyakukubuthela koyihlo, ubuthelwe ethuneni lakho ngokuthula, angaboni amehlo akho konke okubi engiyakukwehlisela phezu kwale ndawo naphezu kwabakhileyo kuyo.’ ” Babuyisela enkosini leli zwi. Inkosi yayisithumela, yabutha onke amalunga akwaJuda naseJerusalema. Inkosi yakhuphukela endlini kaJehova kanye nabo bonke abantu bakwaJuda nabakhileyo eJerusalema, nabapristi, namaLevi, nabantu bonke, abakhulu nabancane, wafunda ezindlebeni zabo onke amazwi encwadi yesivumelwano ebifunyenwe endlini kaJehova. Inkosi yema endaweni yayo, yenza isivumelwano phambi kukaJehova ukumlandela uJehova nokugcina imiyalo yakhe, nobufakazi bakhe, nezimiso zakhe ngayo yonke inhliziyo yayo nangawo wonke umphefumulo wayo ukuba iwenze amazwi esivumelwano ayelotshwe kule ncwadi. Wenza ukuba bonke abafunyanwa eJerusalema nakwaBenjamini beme kuso. Abakhileyo eJerusalema benza njengesivumelwano sikaNkulunkulu, uNkulunkulu wawoyise. UJosiya wazisusa zonke izinengiso emazweni onke akwa-Israyeli, wenza ukuba bonke abafunyanwa kwa-Israyeli bakhonze, bamkhonze uJehova uNkulunkulu wabo. Zonke izinsuku zakhe abasukanga ekumlandeleni uJehova uNkulunkulu wawoyise.

2 iziKronike 34:19-33 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Lapho inkosi isizwa amazwi omthetho, yaklebhula izingubo zayo. Inkosi yabayala oHilikiya, no-Ahikamu, indodana kaShafani, no-Abidoni, indodana kaMika, noShafani umbhali, no-Asaya inceku yenkosi, yathi: Hambani ningibuzele kuJehova, nangenxa yabaseleyo kwa-Israyeli noJuda, ngamazwi encwadi efunyenweyo; ngokuba inkulu intukuthelo kaJehova ethelulwe phezu kwethu, ngokuba obaba abaligcinanga izwi likaJehova ukuba benze njengakho konke okulotshwe kule ncwadi. UHilikiya nababemisa inkosi baya kuHulida umprofethikazi, umkaShalumi, indodana kaThikwati, indodana kaHazira, umlindi wezingubo; (manje wayehlala eJerusalema ekolishi;) bakhuluma kuye ngakho. Wathi kubo: “Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Usho kanje uJehova, uthi: “Bheka, ngiyakwehlisela okubi phezu kwale ndawo naphezu kwabakhileyo kuyo, zonke iziqalekiso ezilotshwe encwadini abayifunda phambi kwenkosi yakwaJuda. Ngokuba bangishiyile, bashunqa umusi kwabanye onkulunkulu, ukuba bangidlalise ngayo yonke imisebenzi yezandla zabo; ngalokho ulaka lwami luyakuthululwa phezu kwale ndawo, lungayikucinywa. Kepha inkosi yakwaJuda owayithuma ukuba ibuze kuJehova, usho kuyo ukuthi: ‘Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ngamazwi owazwileyo; Ngokuba inhliziyo yakho yayithambile, wazithoba phambi kukaNkulunkulu lapho wezwa amazwi akhe ngale ndawo nabakhileyo kuyo, wazithoba phambi kwami, waklebhula izingubo zakho, wakhala phambi kwami; nami nginizwile,” usho uJehova. Bheka, ngiyakukubuthela koyihlo, ubuthelwe ethuneni lakho ngokuthula, amehlo akho angaboni konke okubi engiyakukwehlisela phezu kwale ndawo naphezu kwabakhileyo kuyo. Ngakho balibuyisela ilizwi lenkosi. Inkosi yasithuma, yabiza wonke amadoda amadala akoJuda leJerusalema. Inkosi yakhuphukela endlini kaJehova kanye nawo wonke amadoda akwaJuda nabakhileyo eJerusalema nabapristi namaLevi nabantu bonke, abakhulu nabancane, yafunda ezindlebeni zabo wonke amazwi encwadi. Yesivumelwano esatholwa endlini kaJehova. Inkosi yema endaweni yayo, yenza isivumelwano phambi kukaJehova sokulandela uJehova nokugcina imiyalo yakhe nobufakazi bakhe nezimiso zakhe ngayo yonke inhliziyo yayo nangawo wonke umphefumulo wayo emazwini esivumelwano alotshwe kule ncwadi. Wabamisa lapho bonke ababekhona eJerusalema nakwaBenjamini. Futhi abakhileyo eJerusalema benza ngokuvumelana nesivumelwano sikaNkulunkulu, uNkulunkulu wawoyise. UJosiya wasusa zonke izinengiso emazweni onke angawabantwana bakwa-Israyeli, wenza ukuba bonke ababekhona kwa-Israyeli bakhonze uJehova uNkulunkulu wabo. Futhi zonke izinsuku zakhe abazange baphambuke ekulandeleni uJehova, uNkulunkulu wawoyise.