2 IziKronike 20:1-4

2 IziKronike 20:1-4 CZB24

Ngasemuva abantwana bakwaMowabi nabantwana bakwa-Amoni nabanye kanye nabo ngaphandle kwabantwana bakwa-Amoni benyuka bamelana noJehoshafati ukulwa. Kwase kufika abanye bamtshela uJehoshafati, bathi: “Kukhona isixuku esikhulu esiza kuwe sivela ngaphesheya kolwandle ngaphesheya kwe-Aramu; bheka, baseHasazon-tamare eliyi-Eni Gedi. UJehoshafati wesaba, waqala ukumfuna ukumfuna uJehova, wamemezela usuku lokuzila ukudla kwaJuda wonke. UJuda wabuthana ukuba acele usizo kuJehova; beza bephuma kuyo yonke imizi yakwaJuda ukumfuna uJehova.