2 iziKronike 20:1-4
2 iziKronike 20:1-4 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwathi emveni kwalokho kwafika abakwaMowabi nabakwa-Amoni nabanye bakwaMehuni bezokulwa noJehoshafathi. Kweza abanye bamazisa ngalokho uJehoshafathi, bathi: “Kuza isixuku esikhulu esivela phesheya kolwandle, e-Aramu; manje sesingaseHazezoni Thamari eliyi-Eni Gedi.” UJehoshafathi wesaba, wayesezinikela, wafuna uSimakade, wamemezela ukuzila ukudla kulo lonke elakwaJuda. UJuda wabuthana ukuba acele usizo kuSimakade. Baphuma kuyo yonke imizi yakwaJuda ukuzofuna uSimakade.
2 iziKronike 20:1-4 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwathi emva kwalokho kwafika abantwana bakwaMowabi nabantwana bakwa-Amoni benabanye bamaMehuni kuJehoshafati, beyokulwa. Kwafika abanye, bamtshela uJehoshafati, bathi: “Kusondela kuwe isixuku esikhulu sivela phesheya kolwandle e-Aramu; bheka, sebeseHasasoni Thamari eliyi-Eni Gedi.” UJehoshafati wayeseshaywa luvalo, wabhekisa ubuso bakhe ukumfuna uJehova, wamemezela ukuzila ukudla kulo lonke lwakwaJuda. UJuda wabuthana ukucela ukusizwa nguJehova; baphuma emizini yonke yakwaJuda, bafika ukumfuna uJehova.
2 iziKronike 20:1-4 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngasemuva abantwana bakwaMowabi nabantwana bakwa-Amoni nabanye kanye nabo ngaphandle kwabantwana bakwa-Amoni benyuka bamelana noJehoshafati ukulwa. Kwase kufika abanye bamtshela uJehoshafati, bathi: “Kukhona isixuku esikhulu esiza kuwe sivela ngaphesheya kolwandle ngaphesheya kwe-Aramu; bheka, baseHasazon-tamare eliyi-Eni Gedi. UJehoshafati wesaba, waqala ukumfuna ukumfuna uJehova, wamemezela usuku lokuzila ukudla kwaJuda wonke. UJuda wabuthana ukuba acele usizo kuJehova; beza bephuma kuyo yonke imizi yakwaJuda ukumfuna uJehova.