1 kuThimothewu 4:6-16

1 kuThimothewu 4:6-16 CZB24

Uma ukhumbuza abazalwane ngalezi zinto, uyakuba yisikhonzi esihle sikaJesu Kristu, esondliwe ngamazwi okukholwa nesifundiso esihle osigcinile. Kodwa uyenqaba izinganekwane ezingcolile nezalukazi, futhi uzijwayeze ukumesaba uNkulunkulu. Ngokuba ukuqeqesha umzimba kusiza kancane, kepha ukumesaba uNkulunkulu kusiza ezintweni zonke, kunesithembiso salokhukuphila, nalokho okuzayo. Likholekile leli zwi, lifanele ukwamukelwa konke. Ngokuba ngalokho siyakhandleka futhi siyathukwa, ngokuba sithembele kuNkulunkulu ophilayo onguMsindisi wabantu bonke, ikakhulukazi wabakholwayo. Yala lezi zinto ufundise. Makungabikho-muntu odelela ubusha bakho; kepha yiba yisibonelo kwabakholwayo ngezwi, nangenkambo, nangothando, nangokholo, nangokuhlanzeka. Nakekela ukufunda, nokuyala, nokufundisa, ngize ngifike. Ungasideleli isiphiwo esikuwe, owasiphiwa ngesiprofetho ngokubekwa izandla zabadala. Zindla ngalezizinto; zinike ngokuphelele kuzo; ukuze ukuqhubeka kwakho kubonakale kubo bonke. Ziqaphele wena nesifundiso; hlala kuzo, ngokuba ngokwenza lokho uyakuzisindisa wena nabakuzwayo.