1 kuThimothewu 4:6-16
1 kuThimothewu 4:6-16 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Uma ubayala abazalwane ngalokhu, uyakuba yisikhonzi esihle sikaKhristu uJesu, wondliwe ngamazwi okukholwa nemfundiso enhle oyilandelayo. Kepha zale izinganekwane ezingcolileyo zezalukazi, nokho zejwayeze ukumesaba uNkulunkulu, ngokuba ukuvocavoca umzimba kusiza kancane, kodwa ukwesaba uNkulunkulu kusiza ezintweni zonke, futhi kunesithembiso kulokhu kuphila nakulokho okuzayo. Lithembekile leli lizwi, lifanele impela ukwemukelwa, ngokuba yilokho esikukhandlekelayo, nesikushikashikelayo; lokhu sithembele kuNkulunkulu ophilayo onguMsindisi wabantu bonke, ikakhulu wabakholwayo. Yala ngalezi zinto, futhi ufundise ngazo. Makungabi bikho muntu owedelela ubusha bakho, kodwa yiba yisibonelo kwabakholwayo ngokukhuluma, ngokuziphatha, ngothando, ngokukholwa nangokuhlanzeka. Qikelela ukuba ufunde, uyale, ufundise, ngize ngifike. Ungasidebeseli isiphiwo sakho, owasiphiwa ngezwi elaphrofethwa, nangokubeka izandla ngamalunga. Yenza lezi zinto, uzinikele kuzo, ukuze ukuqhubekela phambili kwakho kubonwe yibo bonke. Ziqaphele wena nemfundiso, uphikelele kukho, ngokuba ngokwenza lokho uyakuzisindisa wena nalabo abakuzwayo.
1 kuThimothewu 4:6-16 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Uma ukhumbuza abazalwane ngalezi zinto, uyakuba yisikhonzi esihle sikaJesu Kristu, esondliwe ngamazwi okukholwa nesifundiso esihle osigcinile. Kodwa uyenqaba izinganekwane ezingcolile nezalukazi, futhi uzijwayeze ukumesaba uNkulunkulu. Ngokuba ukuqeqesha umzimba kusiza kancane, kepha ukumesaba uNkulunkulu kusiza ezintweni zonke, kunesithembiso salokhukuphila, nalokho okuzayo. Likholekile leli zwi, lifanele ukwamukelwa konke. Ngokuba ngalokho siyakhandleka futhi siyathukwa, ngokuba sithembele kuNkulunkulu ophilayo onguMsindisi wabantu bonke, ikakhulukazi wabakholwayo. Yala lezi zinto ufundise. Makungabikho-muntu odelela ubusha bakho; kepha yiba yisibonelo kwabakholwayo ngezwi, nangenkambo, nangothando, nangokholo, nangokuhlanzeka. Nakekela ukufunda, nokuyala, nokufundisa, ngize ngifike. Ungasideleli isiphiwo esikuwe, owasiphiwa ngesiprofetho ngokubekwa izandla zabadala. Zindla ngalezizinto; zinike ngokuphelele kuzo; ukuze ukuqhubeka kwakho kubonakale kubo bonke. Ziqaphele wena nesifundiso; hlala kuzo, ngokuba ngokwenza lokho uyakuzisindisa wena nabakuzwayo.
1 kuThimothewu 4:6-16 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Nxa ubeka lezo zinto kubazalwane, uyakuba yisikhonzi esihle sikaKristu Jesu, wondliwa ngamazwi okukholwa nesifundiso esihle osilandeleyo; kepha wale izinganekwane ezingcolileyo nezezalukazi. Kepha zijwayeze ekumesabeni uNkulunkulu. Ngokuba ukujwayeza umzimba kusiza ingcosana, kepha ukumesaba uNkulunkulu kusiza ezintweni zonke, kunesithembiso salokhu kuphila nalokho okuzayo. Likholekile leli zwi, lifanele impela ukwamukelwa, ngokuba sikhandlekela lokho, siyashikashikeka, ngokuba sithembele kuNkulunkulu ophilayo onguMsindisi wabantu bonke, ikakhulu wabakholwayo. Woyala ngalezo zinto, ufundise ngazo. Makungabikho muntu odelela ubusha bakho, kepha yiba yisibonelo kwabakholwayo ngezwi, nangenkambo, nangothando, nangokukholwa, nangokuhlanzeka. Nakekela ukufunda, nokuyala, nokufundisa, ngize ngifike. Ungasidebeseli isiphiwo esikuwe, owasiphiwa ngezwi lokuprofetha nangokubekwa izandla ngamalunga. Nakekela lezo zinto, ume kuzo, ukuze ukuqhubeka kwakho kuqhame kubo bonke. Ziqaphele wena kanye nesifundiso, ume kulezo zinto; ngokuba ngokwenza lokho uyakuzisindisa wena nabakuzwayo.
1 kuThimothewu 4:6-16 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)