1 Samuweli 31:1-6

1 Samuweli 31:1-6 CZB24

AmaFilisti alwa no-Israyeli; abantu bakwa-Israyeli babaleka phambi kwamaFilisti, bawa begwaziwe entabeni yaseGilibowa. AmaFilisti axosha uSawule namadodana akhe; amaFilisti abulala oJonathani, no-Abinadaba, noMaliki Shuwa, amadodana kaSawule. Impi yaba nzima kuSawule, abacibishelayo bamshaya; futhi walinyazwa kakhulu ngabacibishelayo. USawule wayesethi odibini lwezikhali zakhe: “Hosha inkemba yakho, ungigwaze ngayo; funa laba abangasokile bafike bangibhoboze bangithuke. Kodwa umthwali wezikhali zakhe wala; ngoba wayesaba kakhulu. Ngakho uSawule wathatha inkemba wawela phezu kwayo. Lapho udibi lwezikhali zakhe lubona ukuthi uSawule ufile, lwawela phezu kwenkemba yalo, lwafa kanye naye. Ngakho uSawule namadodana akhe amathathu nodibi lwezikhali zakhe nabo bonke abantu bakhe bafa kanyekanye ngalusuku lunye.