1 Samuweli 31

31
1 Samuweli 31
USawule ufa ngokuwa phezu kwenkemba
1AmaFilisti alwa no-Israyeli; abantu bakwa-Israyeli babaleka phambi kwamaFilisti, bawa begwaziwe entabeni yaseGilibowa.
2AmaFilisti axosha uSawule namadodana akhe; amaFilisti abulala oJonathani, no-Abinadaba, noMaliki Shuwa, amadodana kaSawule.
3Impi yaba nzima kuSawule, abacibishelayo bamshaya; futhi walinyazwa kakhulu ngabacibishelayo.
4USawule wayesethi odibini lwezikhali zakhe: “Hosha inkemba yakho, ungigwaze ngayo; funa laba abangasokile bafike bangibhoboze bangithuke. Kodwa umthwali wezikhali zakhe wala; ngoba wayesaba kakhulu. Ngakho uSawule wathatha inkemba wawela phezu kwayo.
5Lapho udibi lwezikhali zakhe lubona ukuthi uSawule ufile, lwawela phezu kwenkemba yalo, lwafa kanye naye.
6Ngakho uSawule namadodana akhe amathathu nodibi lwezikhali zakhe nabo bonke abantu bakhe bafa kanyekanye ngalusuku lunye.
7Lapho abantu bakwa-Israyeli ababengaphesheya kwesigodi nabangaphesheya kweJordani bebona ukuthi abantu bakwa-Israyeli bayabaleka nokuthi uSawule namadodana akhe bafile, bashiya imizi, babaleka; afika amaFilisti, ahlala kuyo.
8Kwathi ngangomuso lapho amaFilisti efika ukuphanga ababuleweyo, afumana uSawule namadodana akhe omathathu bewile entabeni yaseGilibowa.
9Amnquma ikhanda, akhumula izikhali zakhe, azithumela ezweni lamaFilisti nxazonke ukuba azazise endlini yezithombe zawo naphakathi kwabantu.
10Azibeka izikhali zakhe endlini ka-Ashitaroti, abethela isidumbu sakhe odongeni lwaseBeti Shani.
11Abakhileyo eJabeshi kwaGileyadi bezwa lokho amaFilisti ayekwenzile kuSawule;
12Onke amadoda anesibindi azilungisa, ahamba ubusuku bonke, asithatha isidumbu sikaSawule nezidumbu zamadodana akhe odongeni lwaseBeti-Shani, eza eJabeshi, azishisa khona.
13Athatha amathambo abo, awangcwaba phansi kwesihlahla eJabeshi, azila ukudla izinsuku eziyisikhombisa.

Okuqokiwe okwamanje:

1 Samuweli 31: CZB24

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo