1 Amakhosi 3:10-14

1 Amakhosi 3:10-14 CZB24

Leli zwi laba mnandi eNkosini, ngokuba uSolomoni walibuza. UNkulunkulu wathi kuye: “Ngokuba ucele lokho, ungazicelelanga izinsuku eziningi; awuzange ucele ingcebo yakho, futhi awuzange ucele ukuphila kwezitha zakho; kodwa ucele ukuqedisisa kwakho ukuze uhlukanise ukwahlulela; Bheka, ngenze njengokwamazwi akho; bheka, ngikunike inhliziyo ehlakaniphileyo neqondayo; ukuze kakho onjengawe ngaphambi kwakho, langemva kwakho kakuyikuvela onjengawe. Futhi ngakunika lokho ongakucelanga, ingcebo nodumo, ukuze kungabikho onjengawe phakathi kwamakhosi zonke izinsuku zakho. Uma uhamba ezindleleni zami ukugcina izimiso zami nemiyalo yami, njengalokho wahamba uyihlo uDavide, ngiyakwandisa izinsuku zakho.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne 1 Amakhosi 3:10-14