1 AMakhosi 3:10-14

1 AMakhosi 3:10-14 ZUL20

Lokhu kwaba kuhle emehlweni eNkosi uSimakade, ukuthi uSolomoni acele leyo nto. UNkulunkulu wathi kuye: “Ngokuba ucele lokho, awuzange uzicelele impilo ende, noma ingcebo, noma ucele ukuba kufe izitha zakho, kodwa ucele ukuqonda lapho wehlulela; uyabona-ke, ngenzile njengokwezwi lakho. Ngikunika inhliziyo enokuhlakanipha nokuqonda; okungazange kube khona namunye owake wafana nawe phambilini, futhi okungayikuba bikho oyovela emva kwakho. Ngizokunika nongazange ukucele; ingcebo nodumo. Akukho nayinye phakathi kwamakhosi eyolinganiswa nawe, izinsuku zonke zokuphila kwakho. Uma nje uyohamba ngezindlela zami, ugcine izimiso zami nemithetho yami, njengalokhu ahamba uyihlo uDavide, ngiyokwandisa izinsuku zokuphila kwakho.”

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne 1 AMakhosi 3:10-14