1 Amakhosi 19:14-21

1 Amakhosi 19:14-21 CZB24

Wathi: “Ngangishisekela nokushisekela uJehova uNkulunkulu Sebawoti, ngokuba abantwana bakwa-Israyeli basishiyile isivumelwano sakho, badilize ama-altare akho, babulala abaprofethi bakho ngenkemba; ngase ngisele ngedwa; futhi bafuna umphefumulo wami ukuze bawususe. UJehova wathi kuye: “Hamba, ubuyele ehlane laseDamaseku; lapho usufikile, umgcobe uHasayeli abe yinkosi phezu kwe-Aramu. Futhi uJehu, indodana kaNimsi, kumelwe umgcobe abe yinkosi phezu kuka-Israyeli; futhi u-Elisa, indodana kaShafati, wase-Abela Mehola, kumelwe umgcobe abe umprofethi esikhundleni sakho. Futhi kuyokwenzeka ukuthi uJehu uyombulala lowo owaphunyuka enkembeni kaHazayeli; ophunyuka enkembeni kaJehu, u-Elisha uyakumbulala. Kodwa ngizishiyele kwa-Israyeli abayizinkulungwane eziyisikhombisa, wonke amadolo angaguqanga kuBhali, nayo yonke imilomo engazange imange. Wasuka lapho, wafumana u-Elisa, indodana kaShafati, elima ngezinkabi eziyishumi nambili phambi kwakhe, yena ekweshumi nambili; u-Eliya wadlula kuye, waphonsa ingubo yakhe phezu kwakhe. Wazishiya izinkabi, wagijima emva kuka-Eliya, wathi: “Ake ngange ubaba nomame, bese ngiyakulandela.” Wathi kuye: “Buyela emuva, ngokuba ngenzeni kuwe na?” Wabuya ekumlandeleni, wathatha izinkabi, wazihlaba, wapheka ukudla kwazo ngezitsha zezinkabi, wanika abantu, badla. Wasuka-ke, wamlandela u-Eliya, wamkhonza.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne 1 Amakhosi 19:14-21

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo