1 AmaKhosi 19:14-21
1 AmaKhosi 19:14-21 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Wathi: “Ngishisekele nokushisekela uSimakade uNkulunkulu Wamabandla, ngokuba abantu bakwa-Israyeli basilahlile isivumelwano sakho, badilize ama-althare akho, babulala abaphrofethi bakho ngenkemba, kusele mina ngedwa; sebefuna umphefumulo wami ukuba bawususe.” USimakade wayesethi kuye: “Hamba, ubuyele ngendlela oze ngayo, uye ehlane eDamaseku; lapho usufikile khona uyakugcoba uHazayeli abe yinkosi yase-Aramu. Ugcobe futhi noJehu, indodana kaNimishi, abe yinkosi kwa-Israyeli, bese ugcoba no-Elisha, indodana kaShafathi wase-Abhela Mehola, abe ngumphrofethi esikhundleni sakho. Kuyokuthi obalekela inkemba kaHazayeli, abulawe nguJehu, obalekela inkemba kaJehu, abulawe ngu-Elisha. Ngiyakushiya kwa-Israyeli abayizi-7 000, bonke abamadolo abo engazange aguqe kuBhali nemilomo yabo yonke engazange imange.” Wasuka lapho, wafumana u-Elisha, indodana kaShafathi, elima ngezinkabi ezingamabhangqa ali-12, eziqhuba, yena esebhangqeni le-12. U-Eliya wedlulela kuye, wayesemphonsela ingubo yakhe. U-Elisha wazishiya izinkabi, wagijima elandela u-Eliya, wathi: “Ake ngange ubaba nomame, bese ngikulandela.” Wathi kuye: “Hamba, ubuyele emuva, ngokuba ngenzeni kuwe na?” U-Elisha wabuyela emuva, wathatha izinkabi ezimbili, wazihlaba, wapheka inyama yazo ngamajoka ezinkabi. Wanika abantu, badla. Wayesesuka walandela u-Eliya, waba yisikhonzi sakhe.
1 AmaKhosi 19:14-21 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Wathi: “Ngishisekele nokushisekela uJehova uNkulunkulu Sebawoti, ngokuba abantwana bakwa-Israyeli balahlile isivumelwano sakho, badilizile ama-altare akho, babulele abaprofethi bakho ngenkemba, kusele mina ngedwa; sebefuna umphefumulo wami ukuba bawususe.” Wayesethi uJehova kuye: “Hamba, ubuye ngendlela yakho, uye ehlane laseDamaseku; usufikile khona uyakumgcoba uHazayeli abe yinkosi yase-Aramu; uyakumgcoba uJehu indodana kaNimishi abe yinkosi kwa-Israyeli, umgcobe u-Elisha indodana kaShafati wase-Abela Mehola abe ngumprofethi esikhundleni sakho. Kuyakuthi obalekela inkemba kaHazayeli abulawe nguJehu; obalekela inkemba kaJehu uyakubulawa ngu-Elisha. Kepha ngiyakushiya kwa-Israyeli izinkulungwane eziyisikhombisa, onke amadolo anganguqanga kuBali nayo yonke imilomo engamanganga.” Wayesesuka lapho, wamfumana u-Elisha indodana kaShafati; wayelima ngezinkabi ezingamabhangqa ayishumi nambili phambi kwakhe, yena esebhangqeni leshumi nambili; u-Eliya wadlulela kuye, waphonsa ingubo yakhe kuye. Wayeseshiya izinkabi, wagijima wamlandela u-Eliya, wathi: “Ake ngange ubaba nomame, bese ngikulandela.” Wathi kuye: “Hamba, ubuyele emuva, ngokuba ngenzeni kuwe na?” Wabuya ekumlandeleni, wathatha izinkabi zombili, wazihlaba, wapheka inyama yazo ngempahla yezinkabi, wabapha abantu, badla. Wayesesuka, wamlandela u-Eliya, wamkhonza.
1 AmaKhosi 19:14-21 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Wathi: “Ngangishisekela nokushisekela uJehova uNkulunkulu Sebawoti, ngokuba abantwana bakwa-Israyeli basishiyile isivumelwano sakho, badilize ama-altare akho, babulala abaprofethi bakho ngenkemba; ngase ngisele ngedwa; futhi bafuna umphefumulo wami ukuze bawususe. UJehova wathi kuye: “Hamba, ubuyele ehlane laseDamaseku; lapho usufikile, umgcobe uHasayeli abe yinkosi phezu kwe-Aramu. Futhi uJehu, indodana kaNimsi, kumelwe umgcobe abe yinkosi phezu kuka-Israyeli; futhi u-Elisa, indodana kaShafati, wase-Abela Mehola, kumelwe umgcobe abe umprofethi esikhundleni sakho. Futhi kuyokwenzeka ukuthi uJehu uyombulala lowo owaphunyuka enkembeni kaHazayeli; ophunyuka enkembeni kaJehu, u-Elisha uyakumbulala. Kodwa ngizishiyele kwa-Israyeli abayizinkulungwane eziyisikhombisa, wonke amadolo angaguqanga kuBhali, nayo yonke imilomo engazange imange. Wasuka lapho, wafumana u-Elisa, indodana kaShafati, elima ngezinkabi eziyishumi nambili phambi kwakhe, yena ekweshumi nambili; u-Eliya wadlula kuye, waphonsa ingubo yakhe phezu kwakhe. Wazishiya izinkabi, wagijima emva kuka-Eliya, wathi: “Ake ngange ubaba nomame, bese ngiyakulandela.” Wathi kuye: “Buyela emuva, ngokuba ngenzeni kuwe na?” Wabuya ekumlandeleni, wathatha izinkabi, wazihlaba, wapheka ukudla kwazo ngezitsha zezinkabi, wanika abantu, badla. Wasuka-ke, wamlandela u-Eliya, wamkhonza.