1 Amakhosi 17:1-7

1 Amakhosi 17:1-7 CZB24

U-Eliya waseThishibi, owabakhileyo kwaGileyadi, wathi ku-Ahabi: “Kuphila kukaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli engimi phambi kwakhe, kule minyaka akuyikuba khona mazolo noma imvula, ngaphandle kwezwi lami. Izwi likaJehova lafika kuye, lathi: Suka lapha, ujike uye ngasempumalanga, ucashe ngasemfudlaneni iKreti ephambi kweJordani. Uyakuphuza emfudlaneni; ngasengilaya amagwababa ukuthi akuphakele khona. Wahamba wenza njengezwi likaJehova, ngokuba waya wahlala ngasemfudlaneni iKreti ephambi kweJordani. Amagwababa amlethela isinkwa nenyama ekuseni, nesinkwa nenyama kusihlwa; waphuza emfuleni. Kwathi emva kwesikhashana umfula woma, ngokuba kwakungekho mvula ezweni.