1 AMakhosi 17:1-7

1 AMakhosi 17:1-7 ZUL20

U-Eliya, umThishibhi owayengomunye wababegogobele kwaGileyadi, wathi ku-Ahabi: “Ngifunga ngiyagomela phambi kukaNkulunkulu ka-Israyeli engimi phambi kwakhe, akuyukuba khona mazolo namvula kule minyaka, kuze kusho mina.” Izwi likaSimakade lafika kuye, lathi: “Suka lapha, uhambe ubheke ngasempumalanga, ufike ucashe ngasemfudlaneni iKherithi, ophambi kweJordani. Uyophuza emfudlaneni, Mina ngiyale amagwababa ukuba akondle lapho.” Wahamba, wenza njengalokhu izwi likaSimakade limyalile; wahamba wahlala ngasemfudlaneni iKherithi ophambi kweJordani. Amagwababa amlethela isinkwa nenyama ekuseni, nesinkwa nenyama kusihlwa, waphuza emfudlaneni. Kwathi ngokuhamba kwezinsuku, umfudlana washa, ngokuba kwakungekho mvula ezweni.