1 Amakhosi 1:32-48

1 Amakhosi 1:32-48 CZB24

Inkosi uDavide yathi: “Ngibizeleni uZadoki umpristi noNathani umprofethi noBenaya indodana kaJehoyada. Basebesiza phambi kwenkosi. Inkosi yasisithi kubo: Thathani izinceku zenkosi yenu, lihambe lani, uSolomoni indodana yami agibele umnyuzi wami, limehlisele eGihoni. USadoki umpristi noNathani umprofethi bamgcobe khona abe yinkosi kwa-Israyeli; nishaye icilongo nithi: ‘Mayisindiswe inkosi uSolomoni! Bese nenyukela emva kwakhe, ukuze afike ahlale esihlalweni sami sobukhosi; ngoba uzakuba yinkosi esikhundleni sami, njalo ngimbeke umbusi phezu kukaIsrayeli laphezu kukaJuda. UBenaya indodana kaJehoyada wayiphendula inkosi, wathi: “Amen, usho kanje uJehova uNkulunkulu wenkosi yami, inkosi, naye. Njengalokhu uJehova wayenenkosi yami, inkosi, makabe noSolomoni, asenze isihlalo sakhe sobukhosi sibe sikhulu kunesihlalo sobukhosi senkosi yami, inkosi uDavide. Khona behla uSadoki umpristi, noNathani umprofethi, noBenaya indodana kaJehoyada, namaKreti namaPheleti, bamkhwelisa uSolomoni phezu komnyuzi wenkosi uDavide, bamyisa eGihoni. USadoki umpristi wayesethatha uphondo lwamafutha etendeni, wamgcoba uSolomoni. Bavuthela amacilongo; bonke abantu bathi: “Mayisindiswe inkosi uSolomoni! Bonke abantu bakhuphuka bamlandela, abantu babetha imitshingo, bajabula ngokujabula okukhulu, kwaze kwadabuka umhlaba ngokukhala kwabo. U-Adoniya nabo bonke abamenyiweyo ababe naye bezwa lokho sebeqedile ukudla. UJowabe esezwa ukukhala kwecilongo wathi: “Kungani lo msindo womuzi? Esakhuluma, kwafika uJonathani indodana ka-Abiyathara umpristi; u-Adoniya wathi kuye: “Ngena!” ngoba uyindoda enesibindi futhi uletha izindaba ezinhle. UJonathani waphendula, wathi ku-Adoniya: “Bheka, inkosi yethu, inkosi, uDavide, ibeke uSolomoni inkosi. Inkosi yathuma uSadoki umpristi, noNathani umprofethi, noBenaya indodana kaJehoyada, namaKreti namaPheleti kanye naye, bamkhwelisa kuwo umnyuzi wenkosi. USadoki umpristi noNathani umprofethi bamgcoba eGihoni ukuba abe yinkosi; Lo msindo owuzwile. USolomoni laye uhlezi esihlalweni sobukhosi. Ngaphezu kwalokho, izinceku zenkosi zifikile ukuyibusisa inkosi yethu, inkosi uDavide, zathi: ‘UNkulunkulu makenze igama likaSolomoni libe ngcono kunegama lakho, enze isihlalo sakhe sobukhosi sibe sikhulu kunesihlalo sakho sobukhosi. Inkosi yakhothama embhedeni. Yayisithi futhi inkosi: “Makabongwe uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli onginike namuhla umuntu ukuba ahlale esihlalweni sami sobukhosi, amehlo ami ekubona.”

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo