1 kaJohane 4:7-19

1 kaJohane 4:7-19 CZB24

Bathandekayo, masithandane, ngokuba uthando luvela kuNkulunkulu; futhi wonke onothando uzelwe nguNkulunkulu, futhi uyamazi uNkulunkulu. Ongathandiyo akamazi uNkulunkulu; ngoba uNkulunkulu uluthando. Ngalokhu uthando lukaNkulunkulu lwabonakaliswa kithi, ukuthi uNkulunkulu wathumela iNdodana yakhe ezelwe yodwa emhlabeni, ukuze siphile ngayo. Uthando lukulokhu, kungesikho ukuthi thina samthanda uNkulunkulu, kodwa ukuthi yena wasithanda, wathuma iNdodana yakhe ibe yinhlawulo ngezono zethu. Bathandekayo, uma uNkulunkulu wasithanda kanjalo, nathi simelwe ukuthandana. Akakho oke wabona uNkulunkulu. Uma sithandana, uNkulunkulu uhlala kithi, nothando lwakhe luphelelisiwe kithi. Ngalokho siyazi ukuthi sihlala kuye, naye kithi, ngokuba usinikile okukaMoya wakhe. Nathi sibonile, siyafakaza ukuthi uYise wayithuma iNdodana ibe nguMsindisi womhlaba. Ovumayo ukuthi uJesu uyiNdodana kaNkulunkulu, uNkulunkulu uhlala kuye, naye kuNkulunkulu. Thina siyalwazi, sakholwa wuthando uNkulunkulu analo kithina. UNkulunkulu uluthando; futhi ohlala othandweni uhlala kuNkulunkulu, noNkulunkulu kuye. Ngalokhu uthando luphelelisiwe kithi, ukuze sibe nesibindi ngosuku lokwahlulelwa, ngokuba njengalokhu enjalo yena, sinjalo nathi kuleli zwe. Akukho ukwesaba othandweni; kepha uthando olupheleleyo luyaxosha ukwesaba, ngokuba ukwesaba kunesijeziso. Owesabayo akapheleliswa othandweni. Thina siyamthanda, ngoba yena wasithanda kuqala.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne 1 kaJohane 4:7-19