1 kaJohane 3:17-24

1 kaJohane 3:17-24 CZB24

Kepha onezinto zaleli zwe, bese ebona umzalwane wakhe eswele, amvalele ububele bakhe kuye, uthando lukaNkulunkulu luhlala kanjani kuye na? Bantwanyana bami, masingathandi ngezwi noma ngolimi; kodwa ngesenzo langeqiniso. Ngalokho siyazi ukuthi singabeqiniso, futhi siyakuqinisekisa izinhliziyo zethu phambi kwakhe. Ngokuba uma inhliziyo yethu isilahla, uNkulunkulu mkhulu kunenhliziyo yethu, futhi wazi zonke. Bathandekayo, uma inhliziyo yethu ingasilahli, sinesibindi kuNkulunkulu. Futhi loba yini esiyicelayo siyakwemukela kuye, ngoba sigcina imilayo yakhe, njalo senza okuthandekayo phambi kwakhe. Futhi yilo umyalo wakhe, ukuba sikholwe egameni leNdodana yakhe uJesu Kristu, sithandane, njengalokho wasilaya. Ogcina imiyalo yakhe uhlala kuye, naye kuye. Ngalokho siyazi ukuthi uhlala kithi ngoMoya asinike wona.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne 1 kaJohane 3:17-24