Kepha yena onemfuyo yezwe, ebona umzalwane wakhe eswele, amvalele isihawu sakhe, uthando lukaNkulunkulu lungahlala kanjani kuye na? Bantwanyana, masingathandi ngezwi nangolimi, kodwa ngezenzo nangeqiniso. Ngalokho siyazi ukuthi singabeqiniso; sizakuyithulisa inhliziyo yethu phambi kwakhe ngokuthi uma inhliziyo yethu isilahla, uNkulunkulu mkhulu kunenhliziyo yethu, futhi uyazi konke. Bathandekayo, uma inhliziyo ingasilahli, sinesibindi kuNkulunkulu, nesikucelayo siyakukwamukeliswa nguye, ngokuba sigcina imiyalo yakhe, senza okuthandekayo ebusweni bakhe. Yilo umyalo wakhe ukuba sikholwe egameni leNdodana yakhe uJesu Kristu, sithandane, njengokuba asinika umyalo. Ogcina imiyalo yakhe uhlala kuye, naye uqobo uhlala kuye; siyazi ngalokho ukuthi uhlala kithi ngaye uMoya asinike yena.
Funda 1 kaJohane 3
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 1 kaJohane 3:17-24
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo