1 kaJohane 2:3-11

1 kaJohane 2:3-11 CZB24

Ngalokho siyazi ukuthi siyamazi yena, uma sigcina imiyalo yakhe. Lowo othi: “Ngiyamazi,” engagcini imiyalo yakhe, ungumqambimanga, neqiniso alikho kuye. Kepha ogcina izwi lakhe, uthando lukaNkulunkulu luphelelisiwe kuye impela; ngalokho siyazi ukuthi sikuye. Lowo othi uhlala kuye, yena umelwe ukuhamba njengalokho ahamba yena. Bazalwane, anginilobeli umyalo omusha, kodwa umyalo omdala enaninawo kwasekuqaleni. Umyalo omdala uyizwi enalizwa kwasekuqaleni. Futhi nginilobela umyalo omusha, okuliqiniso kuye nakini, ngokuba ubumnyama buyadlula, nokukhanya kweqiniso sekuyakhanya. Lowo othi usekukhanyeni, kodwa ezonda umzalwane wakhe, usebumnyameni kuze kube manje. Lowo othanda umzalwane wakhe uhlala ekukhanyeni, njalo kakulasikhubekiso kuye. Kepha ozonda umzalwane wakhe usebumnyameni, uhamba ebumnyameni, akazi lapho eya khona, ngokuba ubumnyama buwaphuphuthekisile amehlo akhe.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne 1 kaJohane 2:3-11