1 kaJohane 2:3-11

1 kaJohane 2:3-11 ZUL59

Ngalokho siyazi ukuthi siyamazi yena, uma sigcina imiyalo yakhe. Lowo othi: “Ngiyamazi,” engagcini imiyalo yakhe, ungumqambimanga, iqiniso alikho kuye; kepha ogcina izwi lakhe, uthando lukaNkulunkulu luphelelisiwe kuye impela. Ngalokho siyazi ukuthi sikuye; lowo othi uhlala kuye, yena umelwe ukuhamba njengalokho ahamba yena. Bathandekayo, anginilobeli umyalo omusha, kodwa umyalo omdala enaninawo kwasekuqaleni; umyalo omdala uyizwi enalizwayo. Futhi nginilobela umyalo omusha owona uyiqiniso kuye nakini, ngokuba ubumnyama buyadlula nokukhanya kweqiniso sekuyakhanya. Lowo othi usekukhanyeni, abe ezonda umzalwane wakhe, usesebumnyameni kuze kube kalokhu. Othanda umzalwane wakhe uhlala ekukhanyeni, akukho sikhubekiso kuye; kepha ozonda umzalwane wakhe usebumnyameni, uhamba ebumnyameni, akazi lapho eya khona, ngokuba ubumnyama buwaphuphuthekisile amehlo akhe.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne 1 kaJohane 2:3-11

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo