1 kaJohane 1:1-4

1 kaJohane 1:1-4 CZB24

Lokho okwakukhona kwasekuqaleni, esikuzwileyo, esikubonile ngamehlo ethu, esikubhekile, nezandla zethu zakuphatha, okweZwi lokuphila; (Ngokuba ukuphila kwabonakaliswa, futhi sikubonile, futhi siyafakaza, futhi sinibikela ukuphila okuphakade, okwakunoBaba, futhi kwabonakaliswa kithi;) Lokho esikubonileyo nesikuzwileyo siyakumemezela kini, ukuze nani nibe nenhlanganyelo nathi; Lezizinto sinibhalela zona, ukuze intokozo yenu igcwale.