1 kaJohane 1:1-4

1 kaJohane 1:1-4 ZUL59

Lokho okwakukhona kwasekuqaleni, esakuzwa, sakubona ngamehlo ethu, sakubheka, nezandla zethu zakuphatha, okwezwi lokuphila – lokho kuphila kwabonakaliswa, sakubona, siyaqinisa sinishumayeza lokho kuphila okuphakade okwakukhona kuYise, kwabonakaliswa kithina – lokho esikubonileyo, sakuzwa, sinishumayeza khona nani, ukuze nani nibe nenhlanganyelo nathi. Kepha thina sinenhlanganyelo noYise naneNdodana yakhe uJesu Kristu. Sesiyanilobela lokhu, ukuze intokozo yenu iphelele.