1 kaJohane 1:1-10

1 kaJohane 1:1-10 CZB24

Lokho okwakukhona kwasekuqaleni, esikuzwileyo, esikubonile ngamehlo ethu, esikubhekile, nezandla zethu zakuphatha, okweZwi lokuphila; (Ngokuba ukuphila kwabonakaliswa, futhi sikubonile, futhi siyafakaza, futhi sinibikela ukuphila okuphakade, okwakunoBaba, futhi kwabonakaliswa kithi;) Lokho esikubonileyo nesikuzwileyo siyakumemezela kini, ukuze nani nibe nenhlanganyelo nathi; Lezizinto sinibhalela zona, ukuze intokozo yenu igcwale. Yilo-ke umbiko esalizwa kuye, esinishumayeza wona, ukuthi uNkulunkulu ungukukhanya, ubumnyama abukho kuye nakanye. Uma sithi sinenhlanganyelo naye, kepha sihamba ebumnyameni, sinamanga, asenzi iqiniso; Kepha uma sihamba ekukhanyeni, njengalokhu yena esekukhanyeni, sinenhlanganyelo omunye nomunye, negazi likaJesu Kristu iNdodana yakhe liyasihlambulula kuso sonke isono. Uma sithi asinasono, siyazikhohlisa, neqiniso alikho kithi. Uma sizivuma izono zethu, uthembekile, ulungile, ukuba asithethelele izono, asihlambulule kukho konke ukungalungi. Uma sithi asonanga, simenza umqambimanga, nezwi lakhe alikho kithi.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo