1 kaJohane 1:1-10
1 kaJohane 1:1-10 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Lokho okwakukhona kwasekuqaleni, esikuzwileyo, esikubonile ngamehlo ethu, esikubhekile, nezandla zethu zakuphatha, okweZwi lokuphila; (Ngokuba ukuphila kwabonakaliswa, futhi sikubonile, futhi siyafakaza, futhi sinibikela ukuphila okuphakade, okwakunoBaba, futhi kwabonakaliswa kithi;) Lokho esikubonileyo nesikuzwileyo siyakumemezela kini, ukuze nani nibe nenhlanganyelo nathi; Lezizinto sinibhalela zona, ukuze intokozo yenu igcwale. Yilo-ke umbiko esalizwa kuye, esinishumayeza wona, ukuthi uNkulunkulu ungukukhanya, ubumnyama abukho kuye nakanye. Uma sithi sinenhlanganyelo naye, kepha sihamba ebumnyameni, sinamanga, asenzi iqiniso; Kepha uma sihamba ekukhanyeni, njengalokhu yena esekukhanyeni, sinenhlanganyelo omunye nomunye, negazi likaJesu Kristu iNdodana yakhe liyasihlambulula kuso sonke isono. Uma sithi asinasono, siyazikhohlisa, neqiniso alikho kithi. Uma sizivuma izono zethu, uthembekile, ulungile, ukuba asithethelele izono, asihlambulule kukho konke ukungalungi. Uma sithi asonanga, simenza umqambimanga, nezwi lakhe alikho kithi.
1 kaJohane 1:1-10 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Lokho okwakukhona kwasekuqaleni, esakuzwa, sakubona ngamehlo ethu, sakubheka, sakuphatha ngezandla zethu, okwezwi lokuphila. Lokho kuphila kwabonakaliswa, sakubona, sifakaza ngakho, futhi sinishumayeza ngalokho kuphila okuphakade okwakukhona kuYise, kwabonakaliswa kithi. Lokho esikubonileyo, sakuzwa, sinishumayeza khona nani, ukuba nibe nenhlanganyelo nathi. Kepha thina sinenhlanganyelo noYise naneNdodana yakhe, uJesu Khristu. Ngakho-ke sesiyanilobela lokhu, ukuze kuphelele intokozo yenu. Nanti izwi esalizwa kuye, sinishumayeza lona, ukuthi uNkulunkulu ungukukhanya, abukho nakanye ubumnyama kuye. Uma sithi sinobudlelwane naye, kodwa sibe sisahamba ebumnyameni, siqamba amanga, asikwenzi okuyiqiniso. Kepha uma sihamba ekukhanyeni, njengalokhu Yena esekukhanyeni; sinenhlanganyelo omunye nomunye, negazi likaJesu iNdodana yakhe liyasihlambulula ezonweni zonke. Uma sithi asinasono, siyazikhohlisa, neqiniso alikho kithi. Kepha uma sizivuma izono zethu, uthembekile, ulungile ukuba asithethelele izono, asihlambulule kukho konke ukungalungi. Uma sithi asonanga, simenza umqambimanga uNkulunkulu, futhi nezwi lakhe alikho kithi.
1 kaJohane 1:1-10 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Lokho okwakukhona kwasekuqaleni, esakuzwa, sakubona ngamehlo ethu, sakubheka, nezandla zethu zakuphatha, okwezwi lokuphila – lokho kuphila kwabonakaliswa, sakubona, siyaqinisa sinishumayeza lokho kuphila okuphakade okwakukhona kuYise, kwabonakaliswa kithina – lokho esikubonileyo, sakuzwa, sinishumayeza khona nani, ukuze nani nibe nenhlanganyelo nathi. Kepha thina sinenhlanganyelo noYise naneNdodana yakhe uJesu Kristu. Sesiyanilobela lokhu, ukuze intokozo yenu iphelele. Nanti izwi esalizwa kuye, sinishumayeza lona lokuthi uNkulunkulu ungukukhanya, ubumnyama abukho kuye nakanye. Uma sithi sinenhlanganyelo naye sibe sisahamba ebumnyameni, sinamanga, asenzi iqiniso; kepha uma sihamba ekukhanyeni, njengalokhu yena uqobo esekukhanyeni, khona sinenhlanganyelo omunye nomunye, negazi likaJesu iNdodana yakhe liyasihlambulula ezonweni zonke. Uma sithi asinasono, siyazikhohlisa, neqiniso alikho kithi. Uma sizivuma izono zethu, uthembekile, ulungile ukuba asithethelele izono, asihlambulule kukho konke ukungalungi. Uma sithi asonanga, simenza umqambimanga, nezwi lakhe alikho kithi.
1 kaJohane 1:1-10 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)