1 kwabaseKorinte 3:18-20

1 kwabaseKorinte 3:18-20 CZB24

Makungabikho ozikhohlisayo. Uma umuntu phakathi kwenu ethi uhlakaniphile kuleli zwe, akabe yisiwula, ukuze ahlakaniphe. Ngokuba ukuhlakanipha kwaleli zwe kungubuwula kuNkulunkulu. Ngokuba kulotshiwe ukuthi: Ubamba abahlakaniphileyo ebuqilini babo. Futhi: INkosi iyayazi imicabango yabahlakaniphileyo ukuthi iyize.