1 kwabaseKorinte 15:14-19

1 kwabaseKorinte 15:14-19 CZB24

Uma uKristu engavuswanga kwabafileyo, ukushumayela kwethu kuyize, nokukholwa kwenu kuyize. Yebo, sifunyanwa singofakazi bamanga bakaNkulunkulu; ngoba safakaza ngoNkulunkulu ukuthi wamvusa uKristu, angamvusanga, uba kambe abafileyo bengavuki. Ngokuba uma abafileyo bengavuki, noKristu akavuswanga; Uma uKristu engavuswanga, ukukholwa kwenu kuyize; nisesezonweni zenu. Khona-ke nalabo asebalala bekuKristu babhubhile. Uma sithembela kuKristu kulokhu kuphila kuphela, singabokudabuka kunabantu bonke.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo