1 kwabaseKorinte 15:14-19

1 kwabaseKorinte 15:14-19 ZUL59

Kepha uma uKristu engavuswanga kwabafileyo, ukushumayela kwethu kuyize, nokukholwa kwenu kuyize. Yebo, sifunyanwa singofakazi bamanga ngoNkulunkulu, ngokuba safakaza ngoNkulunkulu ukuthi wamvusa uKristu, angamvusanga kambe, uma kanti abafileyo bengavuswa. Ngokuba uma abafileyo bengavuswa, akavuswanga naye uKristu. Kepha uma uKristu engavuswanga, ukukholwa kwenu akusizi lutho, nisesezonweni zenu. Khona-ke nalabo asebalala bekuKristu babhubhile. Uma singabathembela kuKristu kulokhu kuphila kuphela, singabokukhalelwa kunabantu bonke.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo