1 kwabaseKorinte 13:1-13

1 kwabaseKorinte 13:1-13 CZB24

Noma ngikhuluma ngezilimi zabantu nezezingelosi, kepha ngingenalo uthando, ngiyithusi elikhencezayo nensimbi encencethayo. Noma nginesiphiwo sokuprofetha, ngiqonda izimfihlakalo zonke nokwazi konke; noma nginokukholwa konke, ngangokuba ngingagudluza izintaba, kepha ngingenalo uthando, angiyinto yalutho. Noma ngabela abampofu konke enginakho, noma nginikela ngomzimba wami ukuba ushiswe, kepha ngingenalo uthando, akungisizi ngalutho. Uthando luyabekezela, lunomusa; uthando alunamhawu; uthando aluzikhukhumezi, aluzikhukhumezi; Aluziphathi okungafanele, aluzifuneli okwalo; Aluthokozi ngokungalungile, kepha luthokozela iqiniso; lubekezelela izinto zonke, lukholwa yizinto zonke, luthemba izinto zonke, lukhuthazelela izinto zonke. Uthando alusoze lwaphela; noma kukhona izilimi, ziyakunqamuka; noma kukhona ukwazi, kuyakunyamalala. Ngokuba siyazi inxenye, siprofetha inxenye. Kepha nxa kufika okupheleleyo, okuyinxenye kuyakuqedwa. Lapho ngisengumntwana, ngakhuluma okomntwana, ngaqondisa okomntwana, ngazindla okomntwana; Ngokuba manje sibona esibukweni kalufifi; kepha ngaleso sikhathi ubuso nobuso; manje ngazi inxenye; kodwa ngalesosikhathi ngizakwazi njengoba lami ngaziwa. Manje-ke kumi ukukholwa, nokwethemba, nothando, lokho kokuthathu; kodwa okukhulu kukho konke uthando.