1 KwabaseKhorinte 13:1-13

1 KwabaseKhorinte 13:1-13 ZUL20

Noma ngikhuluma ngezilimi zabantu nezezingelosi, kodwa uma ngingenalo uthando, ngifana nethusi elikhencezayo nensimbi encencethayo. Noma ngingaphrofetha, ngiqonde izimfihlakalo zonke, ngibe nokwazi konke, noma nginganokukholwa konke okungagudluza izintaba, kodwa uma ngingenalo uthando, angiyinto yalutho. Noma nginganikela ngakho konke enginakho, nginikele ngisho nangomzimba wami ukuze ngizigabise, kodwa uma ngingenalo uthando, akungisizi ngalutho. Uthando luyabekezela, lumnene; uthando alunamhawu, aluzigabisi, aluzikhukhumezi; aluziphathi ngokungafanele, aluzifuneli okwalo, alucunuki, alunagqubu; aluthokozi ngokungalungile, kodwa luthokozela iqiniso; lusibekela zonke izinto, lukholwa yizinto zonke, lubekezelela izinto zonke. Uthando alusoze lwaphela, nakuba kukhona ukuphrofetha, kodwa kuyakukhawuka. Nakuba kuyizilimi, ziyakunqamuka; nakuba kungulwazi, luyakuphela. Ngokuba sazi ingxenye, siphrofetha ingxenye. Kepha lapho sekufike okupheleleyo, lokho okuyingxenye kuyakuphela. Lapho ngisenguntwana, ngakhulumisa okomntwana, ngacabangisa okomntwana, futhi ngazindlisa okomntwana. Kepha lapho sengiyindoda, ngakuyeka ukwenza okobuntwana. Ngokuba manje sibona esibukweni kalufifi, kepha lapho sobukana ubuso nobuso, ngokuba manje ngazi ingxenye, kepha lapho ngiyokwaziwa ngokupheleleyo, njengokuba bengaziwa ngokupheleleyo. Manje-ke, kumi lokhu okuthathu: ukukholwa, ithemba, nothando, kodwa okukhulu kulokhu wuthando.