1 kwabaseKorinte 11:1-16

1 kwabaseKorinte 11:1-16 CZB24

Yibani ngabalingisi bami, njengokuba nami ngilingisa uKristu. Kepha ngiyanidumisa, bazalwane, ngokuba ningikhumbula ezintweni zonke, nigcina izimiso, njengalokho nganinika zona. Kepha ngithanda ukuba nazi ukuthi inhloko yawo wonke amadoda nguKristu; nenhloko yowesifazane yindoda; lenhloko kaKristu nguNkulunkulu. Yilowo nalowo owesilisa ekhuleka noma eprofetha ethwele ikhanda, uhlazisa ikhanda lakhe. Kodwa yilowo nalowo wesifazane okhuleka noma eprofetha ikhanda lakhe lingagutshuzelwe uhlazisa ikhanda lakhe, ngokuba lokho kufana nokuthi uphuciwe. Ngokuba uma owesifazane engagqokile, akagundwe; Ngokuba nempela indoda ayifanele ukumboza ikhanda, lokhu ingumfanekiso nodumo lukaNkulunkulu, kepha owesifazane uludumo lwendoda. Ngokuba indoda ayiveli kowesifazane; kodwa umfazi endodeni. Nendoda ayidalelwanga owesifazane; kodwa owesifazana ngendoda. Ngakho-ke owesifazana ufanele ukuthi abe legunya ekhanda lakhe ngenxa yezingilosi. Nokho eNkosini kayilutho owesilisa ngaphandle kowesifazane, nomfazi ngaphandle kwendoda eNkosini. Ngokuba njengalokhu owesifazane evela endodeni, kanjalo nendoda ivela ngowesifazane; kodwa zonke izinto zikaNkulunkulu. Ziboneleni nina ngokwenu; kuyafaneleka yini ukuba owesifazane akhuleke kuNkulunkulu engagubuzele na? Imvelo uqobo lwayo ayinifundisi yini ukuthi uma indoda inezinwele ezinde, kulihlazo kuyo na? Kepha uma owesifazane enezinwele ezinde, kuludumo kuye, ngokuba izinwele zakhe uzinikiwe zibe-yisimbozo. Kepha uma umuntu ebonakala ephika, asinawo umkhuba onjalo thina, namabandla kaNkulunkulu kawanawo.