1 KwabaseKhorinte 11:1-16

1 KwabaseKhorinte 11:1-16 ZUL20

Ngilingiseni njengokuba nami ngilingisa uKhristu. Ngiyanibonga, ngokuba ningikhumbula ezintweni zonke, futhi nibambelele emfundisweni engayedlulisela kini. Kepha ngithanda ukuba nazi ukuthi uKhristu uyinhloko yawo wonke amadoda, inhloko yowesifazane yindoda, nenhloko kaKhristu nguNkulunkulu. Yileyo naleyo ndoda ekhuleka noma ephrofetha yemboze ikhanda layo, ihlazisa ikhanda layo. Kepha yilowo nalowo owesifazane okhuleka noma aphrofethe lingemboziwe ikhanda, uhlazisa ikhanda lakhe, ngokuba kuyafana lokho nokuthi uphucile. Uma owesifazane engathwele ekhanda, kungcono agundwe. Uma kuyihlazo kowesifazane ukuba agundwe noma aphucwe, makamboze. Ngokuba indoda ngokweqiniso ayifanele ukwemboza ikhanda, lokhu ingumfanekiso nodumo lukaNkulunkulu, kodwa owesifazane uwudumo lwendoda. Indoda ayivelanga kowesifazane, kodwa ngowesifazane owavela endodeni. Ngokuba indoda ayidalwanga ngenxa yowesifazane, kepha owesifazane wadalwa ngenxa yendoda. Ngenxa yalokhu, owesifazane kufanele abe nophawu lwesithunzi ekhanda ngenxa yezingelosi. Nokho eNkosini, owesifazane akalutho ngaphandle kwendoda, nendoda ayilutho ngaphandle kowesifazane, ngokuba njengalokhu owesifazane evela endodeni, kanjalo nendoda izalwa ngowesifazane, kodwa konke kuvela kuNkulunkulu. Nqumani nina ngokwenu, ukuthi kufanele yini ukuba owesifazane akhuleke kuNkulunkulu engathwele ekhanda na? Kanti imvelo luqobo lwayo ayinifundisi yini ukuthi uma indoda inezinwele ezinde, kuyihlazo lokho kuyo, nokuthi uma owesifazane enezinwele ezinde, kuludumo kuye na? Ngokuba uphiwe izinwele ukuba zibe yisembozo kuye. Kepha uma umuntu efuna ukuphika inkani, thina asinawo umkhuba onjalo, futhi namabandla kaNkulunkulu awanawo.