Johane 6:25-40

Johane 6:25-40 ZULUNT

Sebemtholile ngaphetsheya kolwandle, bathi kuye: Rabi, ufike nini lapha? UJesu wabaphendula wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Aningifuni ngokuba nabona izibonakaliso, kodwa ngokuba nadla izinkwa nasutha. Ningasebenzeli ukudla okuphelayo, kodwa ukudla okuhlala kuze kube ngukuphila okuphakade, eyonipha khona iNdodana yomuntu; Basebesithi kuye: Sizakwenzani, ukuze senze imisebenzi kaNkulunkulu? UJesu waphendula, wathi kubo: “Lokhu kungumsebenzi kaNkulunkulu, ukuba nikholwe kuye amthumileyo. Bathi kuye: “Pho, usenza isibonakaliso bani, ukuze sibone, sikholwe nguwe na? usebenzani? Okhokho bethu badla imana ehlane; njengokulotshiweyo ukuthi: Wabanika isinkwa esivela ezulwini ukuba badle. UJesu wayesethi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: UMose akaninikanga leso sinkwa esivela ezulwini; kodwa uBaba unipha isinkwa soqobo esivela ezulwini. Ngokuba isinkwa sikaNkulunkulu singuye owehla ezulwini, onika izwe ukuphila. Base bethi kuye: “Nkosi, sinike lesi sinkwa njalonjalo. UJesu wathi kubo: “Mina ngiyisinkwa sokuphila; ozayo kimi kasoze alamba; okholwa yimi kasoze oma naphakade. Kepha ngithe kini: Ningibonile nani, anikholwanga. Bonke uBaba anginika bona bayakuza kimi; futhi ozayo kimi angisoze ngamlahlela phandle. Ngoba ngehle ezulwini, kungeyisikho ukuthi ngenze intando yami, kodwa intando yalowo ongithumileyo. Nalokhu kuyintando kaBaba ongithumileyo, ukuba konke anginike khona ngingalahlekelwa lutho kukho, kodwa ngikuvuse ngosuku lokugcina. Le yintando yalowo ongithumileyo, ukuthi wonke obona iNdodana, akholwe kuyo, abe lokuphila okuphakade, lami ngizamvusa ngosuku lokucina.

Funda Johane 6