NgokukaJohane 6:25-40

NgokukaJohane 6:25-40 ZUL59

Kwathi ukuba bamfumane phesheya kolwandle, bathi: “Rabi, ufike nini lapha na?” UJesu wabaphendula wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Aningifuni ngokuba nabona izibonakaliso, kepha ningifuna ngokuba nadla izinkwa, nasutha. Ningasebenzeli ukudla okuphelayo kepha ukudla okuhlala kuze kube ngukuphila okuphakade, eyakunipha khona iNdodana yomuntu, ngokuba uYise uNkulunkulu ubekile uphawu kuyona.” Bathi-ke kuye: “Singenzani ukuba sisebenze imisebenzi kaNkulunkulu na?” Waphendula uJesu, wathi kubo: “Umsebenzi kaNkulunkulu yilowo ukuba nikholwe nguye amthumileyo.” Ngakho bathi kuye: “Pho, wenza sibonakaliso sini ukuba sibone, sikholwe nguwe, na? Usebenzani na? Okhokho bethu badla imana* ehlane njengokulotshiweyo ukuthi: ‘Wabapha isinkwa esivela ezulwini ukuba badle.’ ” UJesu wayesethi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Kwakungesiye uMose owanipha isinkwa esivela ezulwini, kodwa uBaba unipha isinkwa soqobo esivela ezulwini. Ngokuba isinkwa sikaNkulunkulu singuye owehla ezulwini, olipha izwe ukuphila.” Khona bathi kuye: “Nkosi, siphe njalonjalo leso sinkwa.” UJesu wathi kubo: “Mina ngiyisinkwa sokuphila; ozayo kimi kasoze alamba, nokholwa yimi kasoze oma. Kepha ngithe kini: Ningibonile, nokho anikholwa. Konke angipha khona uBaba kuyakuza kimi; ozayo kimi angisoze ngamlahlela ngaphandle. Ngokuba ngehle ezulwini kungengukuba ngenze intando yami, kodwa ukuba ngenze intando yongithumileyo. Lokhu kuyintando yongithumileyo ukuba konke angiphe khona ngingalahlekelwa lutho kukho, kodwa ngikuvuse ngomuhla wokuphela. Ngokuba lokhu kuyintando kaBaba ukuba yilowo nalowo obona iNdodana, akholwe yiyo, abe nokuphila okuphakade; ngiyakumvusa mina ngomuhla wokuphela.”

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo