Kwakumi ngasesiphambanweni sikaJesu unina, nodadewabo kanina, noMariya umkaKleyophase, noMariya Magdalena. UJesu ebona unina nomfundi amthandayo bemi khona, wathi kunina: “Mame, bheka indodana yakho! Wasesithi kumfundi: Khangela unyoko! Kusukela kuleso sikhathi lowo mfundi wamthatha wamyisa kwakhe. Emva kwalokho uJesu ekwazi ukuthi zonke izinto seziphelile, ukuze kugcwaliseke umbhalo, wathi: Ngomile. Kwakubekwe isitsha esigcwele uviniga; bagcwalisa uzipho ngoviniga, baluhloma phezu kwehisopi, balubeka emlonyeni wakhe. Kuthe uJesu eselamukele uviniga, wathi: “Kufeziwe.” Wagebisa ikhanda, wafa.
Funda Johane 19
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Johane 19:25-30
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo