NgokukaJohane 19:25-30

NgokukaJohane 19:25-30 ZUL20

Ngasesiphambanweni sikaJesu kwakumi unina, udadewabo kanina, uMariya umkaKleyophase, noMariya Magdalena. Kuthe uJesu embona unina nomfundi amthandayo bemi ngalapho, wathi kunina: “Mame, bheka indodana yakho.” Wayesethi kumfundi: “Bheka unyoko.” Kusukela ngaleso sikhathi, lowo mfundi wamthatha uMariya, wamnakekela. Emva kwalokho, uJesu azi ukuthi konke sekuphelelisiwe, ukuba kugcwaliseke umbhalo, wathi: “Ngomile.” Kwakubekiwe lapho isitsha esigcwele iwayini elixutshwe noviniga; base bechoma ilula othini lwehisophi ligcwele uviniga, baliyisa emlonyeni wakhe. Kwathi ukuba uJesu awemukele uviniga, wayesethi: “Kufeziwe;” wagebisa ikhanda, wafa.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaJohane 19:25-30