NgokukaJohane 19:25-30

NgokukaJohane 19:25-30 ZUL59

Kepha kwakumi ngasesiphambanweni sikaJesu unina kanye nodadewabo kanina, uMariya umkaKleyophase, noMariya Magdalena. Kuthe uJesu ebona unina nomfundi amthandayo bemi ngakhona, wathi kunina: “Mame, bheka indodana yakho.” Wayesethi kumfundi: “Bheka unyoko.” Kusukela kuleso sikhathi umfundi lowo wamyisa kwakhe. Emva kwalokho uJesu, ekwazi ukuthi konke sekuphelelisiwe ukuba umbhalo ugcwaliseke, wathi: “Ngomile.” Kwakubekiwe khona isitsha sigcwele uviniga; khona bachoma ilula ligcwele uviniga othini lwehisopi,* baliyisa emlonyeni wakhe. Kwathi ukuba uJesu ewamukele uviniga, wathi: “Kufeziwe;” wagebisa ikhanda, wafa.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaJohane 19:25-30

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo