Ngakho-ke lokhu ngiyakusho, ngifakaza eNkosini, ukuthi ningabe nisahamba njengabanye abezizwe ebuzeni bengqondo yabo; Benziwe mnyama ukuqonda, behlukanisiwe nokuphila kukaNkulunkulu ngokungazi okukubo, ngenxa yobumpumputhe benhliziyo yabo; abathi sebephelelwe yimizwa bazinikele emanyaleni ukuze basebenze ukungcola konke ngokuhuheka. Kepha nina animfundanga kanjalo uKristu; uma-ke nimuzwile, nafundiswa nguye, njengokuba iqiniso likuJesu; ukuba nikhumule maqondana nenkambo yakuqala umuntu omdala, owonakala ngezinkanuko zenkohliso; nenziwe basha emoyeni wengqondo yenu; nembathe umuntu omusha, owadalwa ngokukaNkulunkulu ekulungeni nasebungcweleni beqiniso.
Funda Kwabase-Efesu 4
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Kwabase-Efesu 4:17-24
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo