Ngakho-ke ngiyafakaza eNkosini, ngithi ningabe nisahamba njengalokhu kuhamba abezizwe ngobuze bengqondo yabo, abangqondo yabo ifiphazwe ngubumnyama, bahlukaniswa nokuphila kukaNkulunkulu ngenxa yokungazi kwabo nangenxa yobulukhuni benhliziyo yabo, okuthe bangalahlekelwa ngukuzisola, bazinikela emanyaleni amakhulu, ukuze benze ukungcola konke ngokuhuheka. Kepha nina animfundanga uKhristu kanjalo, uma nimzwile nafundiswa kuye, njengokuba iqiniso likuJesu, ukuba nikhumule umuntu omdala ongowenkambo yakuqala, owonakele ngenxa yezinkanuko zenkohlakalo, nenziwe basha emoyeni wengqondo yenu, nokuba nembathe umuntu omusha odalwe ngokukaNkulunkulu ekulungeni nasebungcweleni beqiniso.
Funda Kwabase-Efesu 4
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Kwabase-Efesu 4:17-24
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo