1 kwabaseKorinte 6:12-20

1 kwabaseKorinte 6:12-20 ZULUNT

Zonke izinto zivunyelwe kimi, kepha akusizi konke; Ukudla ngokwesisu, nesisu ngesokudla, kepha uNkulunkulu uyakuqeda kokubili sona nakho. Kepha umzimba awusiwo owobufebe, kodwa ungoweNkosi; leNkosi ingeyomzimba. UNkulunkulu wayivusa iNkosi, nathi uyakusivusa ngamandla akhe. Anazi yini ukuthi imizimba yenu iyizitho zikaKristu na? ngiyakuthatha izitho zikaKristu, ngizenze izitho zesifebe na? UNkulunkulu akakuvumeli. Yini? Anazi yini ukuthi ohlangene nesifebe ungumzimba munye naso na? ngokuba ababili, uthi, bayakuba nyamanye. Kepha ohlanganiswe neNkosi ungumoya munye. Balekelani ubufebe. Zonke izono azenzayo umuntu zingaphandle komzimba; kodwa owenza ubufebe wona owakhe umzimba. Yini? Anazi yini ukuthi umzimba wenu uyithempeli likaMoya oNgcwele okinina, enimamukele kuNkulunkulu, nokuthi anisibo abenu na? Ngokuba nathengwa ngenani

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne 1 kwabaseKorinte 6:12-20