1 kwabaseKorinte 6:12-20
1 kwabaseKorinte 6:12-20 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Zonke izinto zivunyelwe kimi, kepha akusizi konke; Ukudla ngokwesisu, nesisu ngesokudla, kepha uNkulunkulu uyakuqeda kokubili sona nakho. Kepha umzimba awusiwo owobufebe, kodwa ungoweNkosi; leNkosi ingeyomzimba. UNkulunkulu wayivusa iNkosi, nathi uyakusivusa ngamandla akhe. Anazi yini ukuthi imizimba yenu iyizitho zikaKristu na? ngiyakuthatha izitho zikaKristu, ngizenze izitho zesifebe na? UNkulunkulu akakuvumeli. Yini? Anazi yini ukuthi ohlangene nesifebe ungumzimba munye naso na? ngokuba ababili, uthi, bayakuba nyamanye. Kepha ohlanganiswe neNkosi ungumoya munye. Balekelani ubufebe. Zonke izono azenzayo umuntu zingaphandle komzimba; kodwa owenza ubufebe wona owakhe umzimba. Yini? Anazi yini ukuthi umzimba wenu uyithempeli likaMoya oNgcwele okinina, enimamukele kuNkulunkulu, nokuthi anisibo abenu na? Ngokuba nathengwa ngenani
1 kwabaseKorinte 6:12-20 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Konke kuvunyelwe kimi, kepha akusikho konke okusizayo. Konke kuvunyelwe kimi, kodwa mina anginakubuswa yilutho. Ukudla kungokwesisu, nesisu singesokudla, kodwa uNkulunkulu uyakushabalalisa kokubili. Umzimba akusiwo owobufebe, ungoweNkosi, neNkosi ingeyomzimba. UNkulunkulu wayivusa iNkosi, nathi uyakusivusa ngamandla akhe. Kanti anazi yini ukuthi imizimba yenu iyizitho zikaKhristu na? Pho ngizithatha kanjani izitho zikaKhristu, ngizenze izitho zesifebe na? Qha nakanye. Anazi yini ukuthi ozihlanganisa nesifebe uba mzimba munye naso na? Phela kulotshiwe ukuthi: “Labo bobabili bayakuba nyamanye.” Kepha ozihlanganisa neNkosi uyakuba moya munye nayo. Ngakho-ke balekelani ubufebe. Zonke izono umuntu azenzayo zenzeka ngaphandle komzimba, kodwa ofebayo ungcolisa owakhe umzimba. Anazi yini ukuthi umzimba wenu uyithempeli likaMoya oNgcwele eninaye, enimemukele evela kuNkulunkulu, nokuthi anizimele ngokwenu na? Ngokuba nathengwa ngenani elikhulu. Ngakho-ke mngcweliseni uNkulunkulu emizimbeni yenu.
1 kwabaseKorinte 6:12-20 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Konke kuvunyelwe kimi, kepha akusizi konke. Konke kuvunyelwe kimi, kepha mina anginakubuswa lutho. Ukudla kungokwesisu, nesisu singesokudla; kepha uNkulunkulu uyakuqeda kokubili. Kepha umzimba asiwo owobufebe, ungoweNkosi, neNkosi ingeyomzimba; kepha uNkulunkulu wayivusa iNkosi, nathi uyakusivusa ngamandla akhe. Anazi yini ukuthi imizimba yenu iyizitho zikaKristu na? Pho, ngithathe izitho zikaKristu, ngizenze izitho zesifebe na? Qha nakanye. Kepha anazi yini ukuthi ohlangana nesifebe ungumzimba munye naso na? Ngokuba uthi yena: “Labo ababili bayakuba nyamanye.” Kepha ohlangene neNkosi ungumoya munye nayo. Balekelani ubufebe. Zonke izono azenzayo umuntu zingaphandle komzimba; kepha owenza ubufebe wona owakhe umzimba. Kepha anazi yini ukuthi umzimba wenu uyithempeli likaMoya oNgcwele okinina, enimamukele kuNkulunkulu, nokuthi anisibo abenu na? Ngokuba nathengwa ngenani elikhulu. Ngakho-ke mbongeni uNkulunkulu emzimbeni wenu.
1 kwabaseKorinte 6:12-20 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)